Inkakha yeBanyana Banyana uPortia Modise usola u-Ellis ngokudla izithukuthuku zikaVera Pauw owayengumqeqeshi weBanyana ngaphambilini. UModise akagculisekile yize u-Ellis esekhuphule izinga leBanyana selokhu aqashwa ngo-2016.
U-Ellis wafaka iBanyana kwiNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe eFrance ngo-2019. Kwakuqala ngqa emlandweni weNingizimu Afrika ukuthi iqembu labesifazane lingene kwiNdebe yoMhlaba. Waphinde wabuya nendondo yethusi kumqhudelwano we-African Women’s Cup of Nations (AWCON) ngo-2018.
Umqeqeshi weBanyana unethuba lokuphindisela iqembu kwiNdebe yoMhlaba njengoba ezakhe zizodlala kwi-AWCON ezobanjelwa eMorocco ngoJulayi.
UModise uthi impumelelo yeBanyana ikhonjwa kumqeqeshi ongafanele.
Ekhuluma emcimbini wokwethula incwadi yakhe enesihloko esithi “From Portia Modise With Love”, uModise ubeke kanje ngo-Ellis.
“Abantu bazitshela ukuthi uDesiree ulethe impumelelo kwiBanyana, mina angikuvumi lokho. Akukho okutheni okwenziwe uDesiree. Naba yingxenye yeqembu, ngiyawazi amagalelo kaVera Pauw, waba nesandla ekufakeni iBanyana kwiNdebe yoMhlaba.
Amanye amaqembu ase-Afrika awakwazanga ukubiza abadlali bayo abantswempu ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ngoba ayebhekene nezinkinga.
Kuzoba nzima kulonyaka ngoba uVera uyena owaqala uhambo lokuvundulula abadlali abafana noThembi Kgatlana eHPC (inkulisa yeSAFA).
IHPC isihlale isikhathi eside kodwa abaqeqeshi abakwazanga ukuyibheka lenkulisa. UVera wafika noshintsho, wafuna abadlali baku-U-19 okuyibona abazoqhubeka nomsebenzi uma izinkakha sezibeka amakhokho ethala. Lokho kwenziwa uVera Pauw, hhayi uDesiree Ellis,” kubeka uModise.
UModise uncoma uPauw ngokuma ngezinyawo zombili elwisana neSAFA ezindabeni ezithinta ibhola labesifazane.
“UVera Pauw ubesilwela eSAFA House ukuze aqinisekise ukuthi iqembu liyasizakala ngamalungiselelo. Angicabangi ukuthi uDesiree Ellis uzobalwela abadlali beBanyana ebakhulumele nezimfuno zabo.
Sangena kwiNdebe yoMhlaba ngenxa kaVera Pauw, hhayi uDesiree Ellis. UVera walwa kakhulu ukuze kuzolunga izinto, washiya kwiBanyana, kwangena u-Ellis ofike sekulula.
Abadlali balungiselelwa kudala ngeNdebe yoMhlaba. Akukho okwakudinga umqeqeshi ngoba uVera ngoba wayesebenzile kudala,” kusho uModise.
Impumelelo ka-Ellis yamenza waqokwa njengomqeqeshi ovelele we-Confederation of African Football Women’s ngo-2018 no-2019.
Okhulumela iSAFA uMninawa Ntloko uthi irekhodi lika-Ellis liyazikhulumela.
“Impumelelo kamqeqeshi uDesiree iyabonakala. Uqokwe njengomqeqeshi ovelele weCAF, wafaka neBanyana Banyana kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa ngo-2019. Kubukeka kabi uma owayengumdlali weBanyana edelela umqeqeshi weqembu ngalendlela,” kubeka uNtloko.