Umdlali we-Orlando Pirates uLinda Mntambo uzojoyina iSekhukhune United.
Iphephandaba iSowetan libika ukuthi iBucs neSekhukhune bafinyelele kwisivumelwano sokudayiselana ngalomdlali.
UMntambo ubelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule, yize ebonakale emidlalweni engu-15 kuyona yonke imiqhudelwano, washaya namagoli amathathu.
“Sifinyelela kwisivumelwano nePirates mayelana nokusayinisa uMntambo, kungenzeka siqede ngendaba yakhe lingakapheli isonto.
UMntambo uzojoyina iqembu, abalandeli bazokwaziswa ngezindaba uma esesayinile. Kusele izinto ezincane kodwa izingxoxo seziphelile,” kubeka umthombo weSowetan.
IBabina Noko ikhombe uMntambo njengomdlali ongakwazi ukuvala isikhala sikaYusuf Maart oyibamba esiswini. UMaart usendleleni ebheke kwiKaizer Chiefs.
Umthombo uphinde wadalula ukuthi iSekhukhune igaqele uLuvuyo Memela obonwa enekhono elihle lokuvala isikhala sikaMaart. UMemela uchithwe AmaZulu emasontweni adlule, kanti sekuvele iMarumo Gallants neSuperSport United emaqenjini amfunayo.
“UMaart ubheke kwiChiefs. Yize ingazimisele ngokukhokha imali efunwa iSekhukhune, sebevumile ukumdedela. Sekusele uMaart avume ukujoyina iChiefs.
UMemela liyavela igama lakhe kubadlali ababhekwe yiqembu. Ingqinamba enkulu indaba yemali yeholo ayifunayo. Sizobona ukuthi izingxoxo ziqhubeka kanjani,” kusho lomthombo.