Oyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM uSinky Mnisi uthi kusazovela amaqiniso odabeni lukaDillon Solomons osayiniswe iKaizer Chiefs ngoMsombuluko.

USolomons (23) wethulwe njengomdlali weChiefs ngokusemthethweni ngoMsombuluko, wasayina inkontileka yeminyaka emine.

USolomons obedlala emuva ophondweni lwesokudla kwiSwallows, ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme kulesizini esanda kuphela.

Imenenja yakhe uGrant Nieuwenhuys yake yachazela abeDiski Times ukuthi lomdlali ubegaqelwe amaqembu amahlanu kodwa iChiefs iyona egcine imtholile.

UMnisi uyakuphikisa lokho. Ubeke kanje ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified.

“Kusazovela amaqiniso odabeni lukaDillan Solomons, okwamanje ngizoyibeka kanjalo indaba. Ngizoyekela kubaphathi abangaphezulu kwami ukuthi bayilungise lendaba.

Ilandele ngokucophelela lendaba, yilokho engizokusho. IRoyal AM iyathineka kuloludaba. Lindela okuzokwenzeka ezinsukwini ezilandelayo ukuze uzokhumbula amazwi ami.

IChiefs isenzile isimemezelo kodwa kunemigomo nohlelo olulandelwayo. Ngikholwe, kunodaba olukhulu oluzovela mayelana noSolomons,” kusho uMnisi.

USolomons ushaye amagoli amane, wakhanda amathathu emidlalweni engu-29 ngesizini ephelile.