I-agent kaManqoba Mngqithi, uMike Makaab, ithi lo mqeqeshi usevumelene neMamelodi Sundowns ngokuba wumqeqeshi omusha weqembu.
ISundowns namanje ibingakamemezeli ukuthi ubani ozothatha izintambo zokuqeqesha kulandela ukuhlukana noRhulani Mokwena oseyoqeqesha eMorocco.
Sekunezinyanga izingxoxo ngokwelulwa kwenkontileka kaMngqithi zidonsa, kodwa ngokombiko weFarPost, lo mqeqeshi usephinde wanikezwa elinye ithuba lokuzibambela.
“Sekunesivumelwano sokuthi uManqoba Mngqithi abe wumqeqeshi weMamelodi Sundowns. Okusele manje amaphepha [ukuthi asayine], okuyinto esizoyiphothula kuleli sonto,” kusho uMakaab.
UMngqithi, ofike kwiSundowns ngo-2013 ezoba yiphini likaPitso Mosimane, uzolekelelwa wuRomain Folz noSteve Komphela.