Oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthiphisa u-Eric Tinkler ngobuhlakani obuqukethwe umqeqeshi omusha weSekhukhune United uPeter Hyballa.
UMngqithi unolwazi ngamaqhinga kaHyballa kwazise iDowns yavuthula ngenduku iNEC Breda yaseNetherlands kwi-preseason yangesizini ka-2023/24.
UHyballa uzobonakala okokuqala epheka iBabina Noko kulesizini njengoba ezakhe zizobambana neCity kumaquarterfinals eMTN8 ngomhlaka 10 ku-Agasti ngesonto elizayo.
UHyballa (48) uqokelwe kwesokuqeqesha ngoJuni kulandela ukushiya kukaLehlohonolo Seema. UMngqithi uthi izobhekana nobunzima iCity kulomdlalo.
“Ngizomxwayisa u-Eric ngokufanele akulindele. Sidlalile neSekhukhune futhi ngike ngabhekana nalomqeqeshi eNetherlands ngonyaka odlule.
“Sasidlala neNEC Breda, amaqembu aphekwa uHyballa anesitayela esihle. Ngichazekile ngoba uyasijoyina kuleli. Ngikholwa ukuthi izinga lizophakama kwiligi, imidlalo izoba nzima kakhulu. Isitayela sakhe sizoshubisa kwiligi,” kubeka uMngqithi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kweMTN8 ngoLwesithathu.
UHyballa unikezwe umbandela wokuqinisekisa ukuthi iBabina Noko iqeda kwi-top 4, iphinde ihambe ibanga elide kwiCAF Confederation Cup.