Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi useveze izinguquko afike nazo kumaqhinga abazowasebenzisa kule sizini ukuze bezokwazi ukulimaza amaqembu kangcono.

UMngqithi uyena mqeqeshi ohola abanye kwiSundowns noma singakamenyezelwa isikhundla sakhe selokhe kuxoshwe uRhulani Mokwena kuleli qembu.

Amasandawana azovula isizini ngomdlalo weMTN8 nePolokwane City ngeSonto ngo-3 ntambama. Abalandeli beDowns bakulindele ngabomvu ukubona into ephekwa wuMngqithi, Romain Folz noSteve Komphela.

Engxoxweni nepodcast yeSundowns, uMngqithi uchaze kabanzi ngendlela yabo entsha yokudlala.

“Sesisukile kwi-4-4-4 ebisiyisebenzisa ngesizini edlule, sizodlala i-4-3-3 ngenxa yesikwati esinaso,” kusho uMngqithi.

“Abadlali esinabo bazokwazi ukudlala le-formation ngoba iyashesha, isebenzisa ama-full back asheshayo futhi sinezitobha ezikwaziyo ukuphasa, nabadlali bethu basesiswini bakuthola noma yikuphi enkundleni.

“Ngibone ukuthi ngesizini edlule besiqinile ekugcineni ibhola nasekuvaleni emuva, kodwa angicabangi ukuthi besiwalimaza ngokwanele amaqembu…sifuna ukuzama ukuhlasela nasophondweni. Ngicabanga ukuthi kuza kahle uma ngibuka amathuba esiwakhile emdlalweni edlule.”

UMngqithi uncome indlela abalungiselele ngayo isizini entsha wathi ukudlala kwabo namaqembu aphesheya adlala ngendlela angafani bakwenze ngoba bebelungiselela iFIFA Club World Cup.

Noma eseyiguqula indlela abadlala ngayo, uManqoba uyincomile indlela abasusa ngayo ibhola emuva wathi kumele amshayele ihlombe uRhulani ngomsebenzi awenzile kuleyo ngxenye.