Umqeqeshi weGolden Arrows ebe yiqembu lokuqala ukubamba iMamelodi Sundowns nge-draw emdlalweni weligi kule sizini, uManqoba Mngqithi, uthi kumsizile ukuba nolwazi olujulile ngaMasandawana ngaphambi kwalo mdlalo.
Izolo bekuwumdlalo wokuqala uMngqithi ebuyele emsebenzini ngemuva kokuhlukana neSundowns kulandela ukuphikwa yimiphumela kwiCAF Champions League.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uMngqithi uthe ulwazi analo ngeSundowns lubasizile kulo mdlalo ophele ngo 1-1.
“Ngicabanga ukuthi kungisizile ukuba nolwazi ngabo, ngoba mningi imidlalo engangiyilungiselela ephakathi kwe-Arrows neSundowns nangesikhathi ngisakwiSundowns.
“Ngangibhekene nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi sihleleka kahle uma sizobhekana ne-Arrows ngoba ngangibazi abadlali bayo
“Kodwa ngichazwe kakhulu yindlela abaziqeqeshe ngayo osukwini lokuqala ngifikile. Ngisabaqeqeshe kabili kuphela selokhu ngifikile.
“Bawabambe ngokushesha amaqhinga amasha engifike nawo ngemuva kokubachazela kahle nokubabukisa ama-video.”
UMnqgithi uthe into abangayenzanga nje kahle izolo ukungaqinisekisi ukuthi bayawasebenzisa amathuba abawatholile ngesikhathi behlasela.
Emdlalweni wesibili kaMngqithi i-Arrows izobhekana nePolokwane City ngesonto elizayo ngoLwesithathu.