Oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ubona ezothola indawo eqenjini elikhulu uMalibongwe Khoza omhlabe umxhwele emidlalweni yokungcweka e-Austria.

UKhoza (20), oyibamba emuva, ungomunye wabadlali beDowns abashaye into ecokeme kwiDStv Diski Challenge (DDC) ngesizini edlule yize iStellenbosch sabahlwitha indebe ngosuku olugcina. 

UKhoza, Kutlwano Letlhaku noSiyabonga Mabena babeyingxenye yekhempu yeqembu ebibanjelwe e-Austria, nokuyilapho bethole ithuba lokuzibonakalisa eqenjini elikhulu.

“Sinenqwaba yabadlali abasebancane abakhushulelwe eqenjini elikhulu. Bashoda ngokuthi banyuse umgqigqo ejimini ngoba iqembu lijima lisebenza ngomoya ophezulu ejimini. Engikuqaphelayo ukuthi bayathanda ukujikana. 

“Ngibona ukuthi bayaqina nsukuzonke ngoba unyawo luqinile uma udlala nabantu abadala. Akekho umuntu ofuna ukujikwa umdlali osemncane, umoya usuphezulu kakhulu ejimini. UMabena noKutlwano bayajikana kakhulu,” kubeka uMngqithi ekhuluma kwiPitchside Podcast yeqembu.

UMngqithi uthi uKhoza uyena alindele ukumbona ethola kuqala isikimu eqenjini elikhulu.

“Abantu abaningi abakhulumi ngoKhoza engikholwa ukuthi ushaye into ecokeme ekhempini. Uyisitobha, ngikholwa ukuthi uzomangaza abaningi. Angifuni kuthuke abantu uma eseqala emdlalweni omkhulu kulesizini. 

“UKhoza ukhombisa ukuvuthwa, unonyawo oluhle kakhulu. Uqinile noma kungqofwa ibhola emoyeni. Ubukeka engasheshi kodwa akunjalo. Uhlakaniphile futhi unesibindi,” kusho uMngqithi.

IDowns izovula iMTN8 nePolokwane City ngeSonto eLucas Moripe Stadium. Umdlalo uzoqala ngehora lesithathu ntambama.