Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi unyawo oluqeqeshekile lukaRushine De Reuck lumnikeza imicabango yokuthi amshintshe indawo, ambeke enkabeni yesisu.
UDe Reuck usedlale imidlalo emihlanu kusukela ejoyine iSundowns ngoJanuary esuka kwiMaritzburg United. Ubengakaze abhacaze kuyona yonke imidlalo asebonakale kuyo. Indlela aphasa kahle ngayo ibhola yenza uMngqithi akholwe ukuthi lomdlali angadlala enkabeni yesisu.
“Angithukile ukubona indlela adlala ngayo ngoba besazi ukuthi unyawo lwakhe luqeqeshekile, siyazi ukuthi muhle ekungqofeni amabhola. Ngake ngasho ukuthi ngimbona edlala enkabeni yesisu esikhathini esilandelayo, ngiyathemba nabantu babona kanjalo. Indlela aphasa ngayo iyamangaza, kodwa njengomdlali wasemuva uyathembisa,” kuchaza uMngqithi.
UMngqithi uthi kusekhona izinto ezisadinga ukulungiswa kuDe Reuck. “Kusekhona izinto okumele sizilungise kwindlela amaka ngayo kodwa okuhle ukuthi kwiSundowns siyakwazi ukuvikela umdlali uma esahluleka. Singakhuluma ngoMosa Lebusa noRicardo Nascimento, banazo izinkinga kodwa uma sikwazi ukufaka amaqembu ngaphansi kwengcindezi, siyakwazi ukuvimba amabhola anzima. Okuhle ukuthi uDe Reuck, Lebusa noNascimento baliphasa kahle ibhola, abajwayele ukwenza amaphutha,” kuchaza uMngqithi.