Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usemincele ukuthi angaphazanyiswa ukulimala u-Asekho Tiwani oseziphendlele isikhala esikimini seqembu.
UTiwani, ojoyine iBafana Ba Style esuka kwiSekhukhune United ekuqaleni kwesizini, ungomunye wabadlali abazitamuzela isikimu ngaphansi kwesandla sikaMngqithi.
Ukugcina ifomu kukaTiwani kuphoqe izinguquko kuleliqembu njengoba umqeqeshi esencamela nokudlalisa u-Aubrey Modiba esiswini.
Lomdlali usegijime emidlalweni eyisithupha uma kuhlanganiswa neminye imiqhudelwano, wahlalisa uDivine Lunga ebhentshini.
UMngqithi uthi akujwayekelile ukuthi umdlali osemncane njengoTiwani abambe isitayela seqembu elisha ngokushesha.
“Ngichazekile kakhulu ngoTiwani. Ungimangazile kanye nozakwethu ebhentshini. Ubedlala kwiDDC (DStv Diski Challenge) ngesizini edlule neSekhukhune.
“Ngokuphazima kweso usengomunye wabadlali abashubisa umbango wejezi kwiSundowns. Udlala kahle impela, okumangaza kakhulu ngaye ukuthi akalehlisi izinga.
“Abadlali abasebancane bajwayele ukwehlelwa yifomu. Yena ulokhu eyibambe njalo ifomu. Ngiyathemba ukuthi angeke alimale,” kusho uMngqithi ekhuluma nabezindaba.