Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uselindele ukutomula esikwatini esingumqemane uma sekufike umdlalo wamanqamu weNedbank Cup neMarumo Gallants eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo .

Ukubheduka komkhuhlane ekhempini yeqembu ngaphambi kwempinda yomdlalo weRoyal AM ngoMsombuluko kuphoqe iSundowns ukuthi yenze izinguquko. Yize kunjalo, iSundowns yanqoba ngo 3-2 eChartsworth Stadium.

Abadlali abafana noDenis Onyango, Themba Zwane, Lyle Lakay no-Andile Jali baphuthelwa yilomdlalo, kodwa uMngqithi unethemba ngokubuya kwabo kulomdlalo.

“Umdlalo uzoba nzima. Kufanele sizilungiselele kahle, sithembe nokuthi bonke abadlali abanomkhuhlane bazobuya bengumqemane. Sinethemba elikhulu ngokubuya kwabadlali abekade bengekho kwiRoyal AM.

Bekukhona abadlali abangu-17 kuphela emdlalweni. Bonke abadlali ababengekho emdlalweni babegula. Nginesiqinisekiso sokuthi bazobe bekhona,” kusho uMngqithi.

Yize abadlali bashaya into ecokeme kwiRoyal AM, uMngqithi uthi ufuna ukusebenzisa izethenjwa zakhe kowamanqamu. Uthi kusadingeka baqinise emuva ngoba bangenelwe amagoli athambile kulesizini.

“Ziningi izindawo okufanele siqinise kuzona. Singenelwe amagoli amaningi athambile kulonyaka, kudingeka silungise lapho. Besingenza kangcono ngokwezinga lethu.

Kuyaphoqa ukuthi siyilungise lenkinga. Izitha zizojabula uma zibona ubuthaka bethu. Kufanele sigqugquzeleke ezinhlosweni esinazo, kubonakale ukuthi silwela into eyodwa. Sidlalela ukunqoba izindebe, lolosiko luyakhula manje, abadlali sebeyakuqonda ukubaluleka kokunqoba izindebe,” kusho lomqeqeshi.