Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukhala ngendlela okuqokwa ngayo abadlali nabaqeqeshi kwimiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ekupheleni kwesizini.

UMngqithi ukhala nje iSundowns ishanele yonke imiklomelo obekuqokwe kuyo abadlali nabaqeqeshi bayo.

Ngesizini ka-2020/21, uBenni McCarthy waqokwa njengomqeqeshi ovelele kwiligi yize AmaZulu alala isibili kwiDSTV Premiership ngemuva kweSundowns.

Ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM, uMngqithi ubeke kanje:

“Kwenzeka kanjani ukuthi uqokwe njengomqeqeshi ovelele ekubeni ungawinanga indebe, ukleliswa kanjani njengomdlali ovelele uma ungayinqobanga indebe?

Sicasha ngesithupha, sithi sizolungisa amaphutha ngokuzayo. Akufanele sihleke umbhedo, akufanele uzigqaje uma uhlulekile ukunqoba. Noma ngabe udlale kahle. Kuchaza ukuthi bekushoda izindawo thizeni ukuze uzonqoba. Ukuze uzoklomeliswa, kufanele unqobe imidlalo nezindebe.

Indondo yomqeqeshi ovelele kufanele iklomeliswe iqembu elinqobe iligi noma inkomishi,” kubeka uMngqithi.

UMngqithi uthi abaqeqeshi abaklomeliswa ngaphambilini babewina ngenxa yezindondo, hhayi ibhola elidlala iqembu.

“Kunabaqeqeshi abadlale ibhola elibhacazayo kumasizini adlule kodwa bawina iligi, baklomeliswa ngezindondo zabaqeqeshi abavelele. Ayikaze ikhulunywe indaba yeqembu elidlala ibhola elihle, neqembu elibozayo. Kubaluleke ngani ukudlala ibhola elihle uma ungawini?

ISundowns ishanele yonke imiklomelo yePSL. ULyle Lakay uqokwe njengomdlali wasemuva obadlule bonke, u-Andile Jali wanqoba indondo yomdlali wasesiswini ovelele, umdlali weMTN 8 ozihambela yedwa neyomdlali weNedbank Cup ovelele.

Umgadli uPeter Shalulile unqobe indondo yomdlali ovelele eqokelwe abanye abadlali, waba ngumshayimagoli ohambe phambili.