Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uchome uphaphe legwalagwala ku-Andile Jali onqobe imiklomelo emithathu yePremier Soccer League (PSL) ngeSonto ebusuku.

UJali ukhale wemuka nomklomelo womdlalo wasesiswini ovelele kwiDSTV Premiership, umdlali ovelele kwiMTN 8 nendondo yomdlali oshaye into ecokeme kwiNedbank Cup.

Yize abadlali abaneminyaka engaphezulu kwengu-30 begxekwa kakhulu eNingizimu Afrika, uJali ulethe isikhumbuzo sokuthi umdlali osemdala ngokweminyaka usuke esevuthiwe emqondweni nasenkundleni.

Emidlalweni engu-40 kulesizini, uGattuso ushaye amagoli amabili.

UMngqithi uthe uyaziqhenya ngoJali, ophinde wazitshwa umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

“Siyamjabulela u-AJ (Jali) ngokuthi eminyakeni yakhe usathola imiklomelo efana nalena. Kumfanele ukunqoba lemiklomelo. Kuyajabulisa kakhulu ukubona abadlali abazikhandlayo bethola imiphumela yokuzimisela kwabo. Ngiyabajabulela abanye abadlali.

Bonke bekufanele banqobe imiklomelo yabo. Nabanye abadlali bamanye amaqembu abaqokelwe kwimiklomelo bekufanele bafakwe. Sesibonga khona ukuthi labo abathatha izinqumo basebenze ngokweqiniso bekhipha lemiklomelo,” kusho uMngqithi.