Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ukuqokwa kuka-Andile Jali kwimiklomelo yePSL kuyinto efanele ngoba lomdlali ushaye into ecokeme kulesizini.
ISundowns isethubeni lokudla izicoco ezintathu kulesizini njengoba sebesele ngeNedbank Cup abazoyidlala ngesonto elizayo. IDSTV Premiership neMTN 8 sebeqedile ngayo.
UJali (32) ubebalulekile kakhulu kwiSundowns kulesizini, waphinde wadlala emidlalweni elishumi kwiCAF Champions League bekhishwa yiPetro de Luanda kuma-quarterfinals.
Yize umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos eqhubeka nokungambizi uJali, uMngqithi uthi ukuqokwa kwalomdlali kwimiklomelo emihlanu kufakazela ukuzimisela kwakhe enkundleni.
“Kuyagqugquzela ukubona abadlali beqokelwa kwimiklomelo yeligi ngoba kukhombisa ukuthi bayalisiza iqembu kulemiqhudelwano abaqokelwe kuyo. Ngiyamjabulela uJali. Uyalwa kakhulu enkundleni, usebonakale emidlalweni eminingi yeqembu, akalenzi iphutha. Kumfanele ukuqokwa.
NoPeter (Shalulile) ngokunjalo. Uyingwazi eqenjini lethu. Uyasiza kakhulu, yingakho eqokiwe. No-Aubrey (Modiba) kwiNedbank Cup wenza kahle, akumangazi ukuthi uqokiwe,” kubeka uMngqithi.
UJali unemidlalo engu-39 kulesizini, washaya amagoli amabili, wakhanda elilodwa.