Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uzehlisile wabonga abaphathi nabobonke abasebenzi beqembu ngemuva kokuqukula iligi ihlandla lesine kulandelana namuhla.

ISundowns ishaye IRoyal AM ngo 3-2 eChartsworth Stadium. Amagoli eDowns ashaywe uGaston Sirino, Thabiso Kutumela noPeter Shalulile.

UMngqithi uthe iRoyal AM ijwayele ukubavusela ifomu yabo.

“Kuyinto elindelekile ukungena kwamagoli amaningi uma sibhekene neRoyal AM yize ngibe ngephutha lokushintsha abadlali abane.

Besizama ukuphuma abadlali ngoba inkundla ibisinda kakhulu kubadlali. Sinomdlalo obalulekile ngempelasonto, bekumele sikhiphe abadlali abazodingeka kowamanqamu.

Bengilindele ukuthi besihlasele ngalendlela. A ngijabule neze ngendlela esehlise ngayo umoya, besingenza kangcono kodwa izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni,” kusho uMngqithi ekhuluma nabeSupersport TV.

UMngqithi uphinde waphawula ngomgadli uShalulile ogcine engaliphulanga irekhodi likaCollins Mbesuma owashaya amagoli angu-25 kwiligi. Ubedinga amagoli amathathu kulomdlalo kodwa ushaye elilodwa.

“Unebhadi uShalulile, besikhulumile ngokumeseka enkundleni, besizomnikeza noma iphenathi namuhla. Lokho kuvuse ukuthuka kuKutumela. Bekufanele ashaye igoli kodwa wazama ukuphasela uShalulile ukuze ezonyusa isibalo samagoli. Muhle umzamo kaKutumela, siyakuqonda abezama ukukwenza,” kusho uMngqithi.

Lomqeqeshi ube esebonga bonke abasondelene neSundowns ngomsebenzi wabo kulesizini.

“Abadlali bazinikelile, kufanele ngibonge bonke abantu abasondelene neqembu, ngizobonga uMengameli, ibhodi ngokweseka iqembu kulesizini. Ngifisa nokubonga abasebenzi beqembu abaqinisekise ukuthi siyakuthola konke esikudingayo ngesikhathi. Besihlaselwe umkhuhlane kodwa bakwazile ukusiza.

Balethe imishanguzo efanele isikhathi sesibheda, angibonge nabalandeli bethu. Abalandeli bayaleseka iqembu noma bebengakwazi ukufika enkundleni.

Angibonge nethimba labaqeqeshi ngokweseka iqembu, ngidlukisa ukubonga kubadlali, abasizi beqembu, abapheki nabalungisa inkundla. Onogada esangweni nabanye abasondelene neqembu. Ngiyabonga kakhulu,” kubeka uMngqithi.