IMamelodi Sundowns ibe lokuqala lesibili emlandweni webhola likanobhutshuzayo eNingizimu Afrika elidle zonke izindebe ngesizini eyodwa.
IDowns iqophe lomlando ishaya iMarumo Gallants ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup izolo eRoyal Bafokeng Stadium. IDowns yaqala ngokuqukula iMTN 8 ekuqaleni kwesizini, yalandela ngokudla isicoco seligi.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi akumthusi ukubona iqembu lakhe linqoba izindebe ezintathu ngoba uyawazi amagalelo abadlali.
“Kudala ngisho ukuthi iSundowns iyona esezingeni lokudla zonke izindebe ezikhona. Kufanele sishayele abadlali ihlombe ngoba yibona abazimiselayo.
Ukujima kulukhuni ngoba sifaka umfutho kakhulu, nathi ethimbeni labaqeqeshi sifuna bazikhandle ngokwengeziwe. Abadlali bayakwazi ukubaluleka kokuzinikela kwiSundowns. Kulesizini sibumbe iqembu elidlala ngaphandle kokusaba. Bonke abadlali bazimiselile, ngibashayela ihlombe.
Sidlale imidlalo engu-47, akukho lula ukwenza lokho ngoba siphinde sihambele e-Afrika nakwezinye izifundazwe eNingizimu Afrika,” kubeka uMngqithi ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.
Yize iSundowns iphinde yehlelwa umshophi wokushweba iCAF Champions League kulesizini njengoba yakhishwa iPetro de Luanda, uMngqithi uthi ukushanela izicoco eMzansi akubanelisi.
“Sizozama ngesizini ezayo kwiChampions League. Sibhede kuyona kuphela kulesizini. Iqembu lizinikelile, angibasoli abadlali.
Kufanele usebenzise ulwazi oluningi uma ukhuluma ngokukhonya kweSundowns. Angeke uthi sidlala sodwa, kukhona izindawo esiqinisa kuzo kakhulu. Ithimba labaqeqeshi engisebenza nalo liyazikhandla kakhulu, kuyenzeka kuphele ihora lonke sizama Ukuqoka isikimu esiqinile osukwini,” kubeka uMngqithi.