Umdlali weLamontville Golden Arrows ofunwa uthuli amaqembu aseGauteng uPule Mmodi uyavuma ukuthi iKaizer Chiefs izimisele ngokumsayinisa.
Inkulumo kaMmodi ishayisana neyemenenja ye-Arrows uNonceba Madlala oqhubekile nokuphika ukuthi lomdlali ugaqelwe iChiefs.
“Akukho okuphathekayo engizokukhuluma ngoba iChiefs ayikaze ikhulume nathi. Angazi ukuthi lamahebezi avela kuphi. UMmodi unenkontileka neqembu, ubude benkontileka buyimfihlo phakathi kweqembu naye umdlali,” kubeka uMadlala.
NgoLwesihlanu, uMmodi ugonyuluke ngokufunwa yiChiefs, wakubeka obala ukuthi iGlamour Boys isibeke nemali etafuleni.
“IChiefs isikhombisile ukuthi iyangifuna kodwa angikaze ngisayine nayo,” kubeka uMmodi.
UMmodi, okhahlela ngezinyawo zombili, ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme kulesizini ephelile wagcina esebizelwe nasesikwatini amahlandla amabili.