Ummeli womculi uKelly Khumalo uthi bajahe ukuzwa lofakazi ‘mbumbulu’ ozofakaza ngokuthi lomculi uyena owadubula owayeyisoka lakhe uSenzo Meyiwa. 

U-advocate Magdalene Moonsamy ukusho loku ngenkathi ekhuluma ne-Newzroom Afrika, emva kokuba ummeli u-advocate Malesela Teffo utshele inkantolo izolo, ngenkathi kade epheka uSergeant Thabo Mosia ngemibuzo ukuthi ukhona ufakazi owazibonela ukuthi uKelly Khumalo wadubula ngephutha uyise wengane yakhe. 

“Kunofakazi owazibonela ngawakhe, ozotshela inkantolo ukuthu uSenzo Robert Meyiwa wadutshulwa wabulawa nguNonhlanhla Kelly Khumalo ngephutha,” kusho u-advocate Teffo. 

UMoonsamy uthe loku okwenziwa u-advocate Teffo kuwukudicilela phansi isithunzi sika Kelly kanye nesakhe njengommeli wakhe. 

“Asisakwazi ukulinda ukuzwa lofakazi, kanye nobufakazi eza nabo. Sifun kwaziwe ukuthi loku okwenziwa u-advocate Teffo kuwukuhlambalaza nokudicilela phansi isithunzi sika Kelly kanye nesami,” kusho uMoonsamy. 

Eqhuba uMoonsamy uthe loku okukhulunywe uTeffo enkantolo akubathusi nakancane. UMeyiwa wadusthulwa ekhaya lika Kelly Khumalo elise Vosloorus, ngo Okthoba 26 ku2014. Icala liyaqhubeka.