Umgadli waseBurundi okuvela ukuthi angase asayiniswe yiKaizer Chiefs, uBonfils-Caleb Bimenyimana, unerekhodi elingathembisi phambi kwepali.
UBimenyimana ungomunye wabagadli okuthiwa bahlolwa wumqeqeshi u-Arthur Zwane nethimba lakhe labaqeqeshi njengoba iChiefs isazama ukusayinisa umgadli kulandela ukudedela abagadli abathathu ngenyanga edlule. IChiefs njengamanje inomgadli oyedwa, u-Ashley Du Preez emthenge kwiStellenbosch FC.
UBimenyimana kuthiwa nguye obukeka egqamile kubagadli abahlolwa yiChiefs, nokho irekhodi lakhe likhomba ukuthu ubuthuntu, nakuba esedlale emazweni aphesheya.
Lo mdlali akakaze ashaye amagoli angaphezulu kwamathathu ngesizini eyodwa. Emidlalweni ewu-53 kumaqembu okubalwa kuwo iFK Pohronie, FK Atlantas Klaiopeda neFK RFS ushaye amagoli awu-13 kuphela.
KwiBurundi unamagoli amane emdlalweni ewu-17.
Sike sachitha isikhathi sihlaziya lo mdlali kuma-video eYouTube nokho, esikufundilke wukuthi ulibamba kahle ibhola futhi uyakwazi nokudlalisana nabadlali abagijima ophondweni, okuyinto ebibuye imhlule uSamir Nurkovic. Unesivinini esihle futhi mude, okusho ukuthi engaba yinkinga kumabhola angena ebhoksini. Kuzomele adlaliswe kodwa ngoba esikubonayo ukuthi ngathi akawanikezwa amathuba amaningi emaqenjini asedlale kuwo. Ukuza kwakhe kwiChiefs mhlawumbe indlela yakhe yokuzama ukuzakhela udumo e-Afrika njengoba esaneminyaka ewu-24.