Isekela likamqeqeshi weBafana Bafana uHelman Mkhalele usehlabe ikhwelo kumaqembu akuPremier Soccer League (PSL), ucela anikeze abadlali abancane ithuba lokudlala.
UMkhalele uhola iBafana edlala kumqhudelwano weCOSAFA Cup eqhubekayo eThekwini. IBafana ihlulwe iMozambique sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamaquarterfinals ngoLwesithathu eKing Zwelithini Stadium.
Isikwati seBafana besigcwele abadlali abavundululwe kwiMultiChoice Diski Challenge, iningi labo abangenaso isipiliyoni sokudlala kwiDSTV Premiership neMotsepe Foundation Championship.
UMkhalele uthi isipiliyoni sokudlala kwiDSTV Premiership kuzonyusa ukuzethemba kubadlali.
“Ngithemba ukuthi abadlali bazoqala ukunikezwa amathuba emaqenjini abo. Njengoba sibanikeza amathuba, sesibeke ithemba emaqenjini abo ukuthi abanikeze amathuba.
Kunzima uma ubhekisisa kahle, sibiza abadlali esikwatini yize bengasitholi isikimu emaqenjini abadlala kuwo. Kufana nokuthi sisebenzela emuva, ngithemba ukuthi amaqembu azikwazi ukusilekelela.
Angisoli amaqembu ngokuhlulwa kwethu. Ngiyavuma ukuthi sishayiwe, sizobuyela emuva siyohlela kabusha,” kusho uMkhalele.