Uziqeqesha yedwa njengamanje uThembinkosi Lorch ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi unqabile ukujoyina iWydad AC ashaye into ecokeme kuyo ngesizini edlule.
ULorch ufake ivideo ekhasini lakhe ku-Instagram ezivocavoca eyedwa, okucacisele abaningi ukuthi ayikalungi indaba yakhe kwiMamelodi Sundowns.
Kunabalandeli beDowns abebefisa uMiguel Cardoso amuphe elinye ithuba kwiKabo Yellow kule sizini ngemuva kwendlela adlale ngayo kwiFIFA Club World Cup.
Ngokwemibiko evela eNorth Africa iWydad ibizimisele ngokumsayinisa ngokugcwele uLorch, kodwa kunokuthule anganeme ngakho kuleli qembu akubone ngesizini edlule okumenze wayichizela.
Okunye okungenzeka ukuthi kuyisizathu ngokungaguquki kwesimo sakhe njengamanje wukuthi usomaqhinga weSundowns uFlemming Berg ubuye kuleli sonto kuleli ukuzoqhubeka nomsebenzi wakhe, yingakho bekuthule kangaka ngemibiko yama-transfers athinta iSandawana.
ULorch nokho usasele nenyanga yonke ka-August ukuthi anqume ngekusasa lakhe uma kusekhona amaqembu afisa ukumsayinisa.