Sphamandla Gumede

Imiphumela eyedlule kwiDSTV Premiership ibuyise ithemba kumqeqeshi weMaritzburg United u-Ernst Middendorp njengoba esebona benethuba lokuphunyuka ezembeni. IMaritzburg ishaye iTS Galaxy ngo 2-0 ngempelasonto, yanyukela kunombolo 14 kwiligi.

Ngalomphumela ivule igebe lamaphuzu amane kwiBlack Leopards eyibambe emsileni kwiligi. Ngemuva komdlalo weGalaxy, uMiddendorp uncome indlela abadlali abasebenzida ngayo amakhono aseceleni ukusiza iqembu.

“Umdlali onekhono noma umjiko oya phambili kumele asize iqembu. Kuyizeleze uma esebenzisa ikhono ngendlela engalisizi iqembu. Kumele bacabange kahle, lapho kuzolandela imiphumela emihle. Ekugcineni uyawathola amaphuzu agcwele. Sinabo abadlali abanekhono elimangazayo kodwa kumele basize iqembu,” kuchaza uMiddendorp ekhuluma newebsite yeqembu.

Izindaba ezinhle kwiMaritzburg ukuthi amaqembu asengcupheni yokugawulwa yizembe iTshakhuma Tsha Madzivhandila neBlack Leopards bahlulekile ukubuya namaphuzu agcwele ngempelasonto. ILeopards ibambane neMamelodi Sundowns, iTTM yona yashaywa AmaZulu ngo 2 – 0. Kusayishubela iTeam of Choice njengoba izobhekana neChippa United, Orlando Pirates, TTM, Baroka neStellenbosch emidlalweni emihlanu elandelayo.