Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ugcine ephendulile odabeni lukaGabadihno Mhango okubikwa ukuthi uzohamba eMayfair uma kuphela isizini.

UMhango usizwa ngendaba isikimu kwiBucs yize ebeshisa izikhotha kwi-African Cup of Nations (AFCON) efaka iMalawi kwi-last 16. Usadlale imidlalo elishumi kuphela kulesizini.

Yize edlalile kwiCAF Confederations Cup iBucs ishaya iSimba SC sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wama-quarterfinals, akucaci ngekusasa likaMhango.

Kubikwa ukuthi lomgadli uzohamba kwiBucs ekupheleni kwesizini.

UNcikazi ubuziwe ngoMhango, wathi udaba lunakwe izikhulu zeqembu, yena ubheke imidlalo kuphela.

“Kuphakathi kwakhe nezikhulu. Mina nginake imidlalo kuphela, indaba kaMhango ngiyishiyele abaphathi beqembu. Okwamanje uMhango uyeza ejimini, simphatha njengabanye abadlali. Uzolithola ithuba njengabanye abadlali, uMhango akahlukile,” kubeka uNcikazi ekhuluma noThabo Mosia weSAfm.

UNcikazi uphinde wabuzwa ukuthi uMhango unalo yini ikusasa e-Orlando Stadium.

“Akuqhamuki kimi ukudalula abadlali abazohlala kwiBucs, angiyazi ngisho nenkontileka yakhe. Owami umsebenzi ukubuya nemiphumela. Ngiyakwazi nokuxoxa neqembu, ngilitshele izifiso zami. Ngiyakhuluma neqembu uma kudingeka. Angikaze ngikhulume ngoMhango uma ngibambe umhlangano nezikhulu zeqembu,” kubeka uNcikazi.

UNcikazi uthe uMhango usenenkontileka neBucs, kufanele aziphathe ngendlela ehloniphekile eqenjini.

“Inhliziyo kaMhango iseqenjini. Uyahola. Kufanele asebenzele iqembu. Unenkontileka neqembu, kuyamphoqa ukuthi asebenze njengoba ichaza inkontileka, afike nasejimini ngesikhathi. Uma engasebenza ngokuzimisela njengabanye abadlali, ahloniphe imithetho yeqembu, azihloniphe nayo, isikimu uzosithola.

Uma ehluleka ukuhlonipha imigomo iqembu, uzoqiniselwa isandla njengoba kwenziwa kubadlali abangaziphathi kahle eqenjini. Akushintshi noma unegama elikhulu eqenjini,” kubeka lomqeqeshi.

IBucs izodlala ne-Al Ahli Tripoli emlenzeni wesibili weCAF Confed Cup ngeSonto. Banqoba umdlalo womlenze wokuqala ngo 2-0 eLibya.