Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ngeke kuyiqede indlala yamagoli ababhekene nayo ukusayinisa umgadli omusha.

Amakhosi aphinde akhombisa ukuthwala kanzima ebhokisini ehluleka ukubeka ibhola enethini ngesikhathi eshaywa yiCape Town City ngo 1-0 eCape Town Stadium ngeSonto ntambama.

Kule sizini iChiefs isavalele amagoli awu-14 emdlalweni ewu-11. IPirates neSundowns ngakolunye uhlangothi sebekore awu-22 iqembu ngalinye. UNabi nokho uthi ngeke kusize ukulanda umgadli omusha.

“Asinawo umuzwa wokuthi umgadli uzoxazulula izinkinga esibhekene nazo ebhokisini – okokuqala okumele kwenzeke nje ukuthi abadlali abakhona badinga ukukhuphula amasokisi,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Abadlali abahlaselayo badinga ukungatatazeli uma besebhokisini, badinga ukuthatha izinqumo ezingcono ebholeni, abangaliphethe kumele bangene ezikhaleni ezinhle.

“Kuyiqiniso ukuthi umgadli engasipha okunye, kodwa ngeke akuxazulule konke.”

Lo mqeqeshi uqhube wagcizelela ukuthi badinga ukuqinisa iqembu ngabadlali abasha kule nyanga. Uthe iqembu lenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lithola abadlali abazosiza iqembu kule sizini.

NgoLwesithathu iChiefs izobhekana neStellenbosch FC ngo-19:30 eFNB Stadium.