ULionel Messi uthi akusafanele kunanazwe manje, indondo enikezwa umdlali ovele emhlabeni iBallon d’Or ayidluliselwe kumgadli weReal Madrid uKarim Benzema oqeda kunqoba i-UEFA Champions League.
UBenzema uzihambela yedwa kubadlali abangadla iBallon d’Or njengoba enqobe iLa Liga neChampions League kulesizini ka-2021/22. UBenzema ushaye amagoli angu-44 emidlalweni engu-46 kulesizini.
UMessi, oqukule isicoco seLigue 1 neParis Saint-Germain uthi uBig Benz uyena imfivilithi yokunqoba lendondo.
“Angiboni kusekhona ukungabaza. Kuyacaca ukuthi uBenzema ube nesizini enhle, wagoqa ngokunqoba iChampions League, kwazise ubebalulekile ewelisa iqembu kusukela kwi-last 16. Akukho ukungabaza kulonyaka,” kuchaza uMessi obecashunwa abeTyC Sports.
UMessi uphinde wakhuluma ngokuwina kwakhe iBallon d’Or ngo-2021, okuyinto eyasusa umsindo njengoba abathandi bebhola abaningi babelindele ukuthi indondo inikezwe uRobert Lewandowski weBayern Munchen.
UMessi wadalula ukuthi uLewandowski kwakufanele anikezwe iBallon d’Or ngo-2020 kodwa yahlehliswa ngoba kwakuhlasele iCovid-19. UMessi wakubeka kwacaca ukuthi iBallon d’Or yango-2021 yayimfanele.
“Ngakhuluma into eyayisuka emhliziyweni yami. Ngathi uLewandowski wayefanelwe iBallon d’Or ngo-2020 ngoba wayedlale ingcwenga yebhola.
Kwakufanele ngiyiwine iBallon d’Or ngo-2021 ngoba yimina owayezimisele kakhulu. Ngabekwa kanjalo, usengayibheka ngendlela afuna ngayo. Umuntu ukhuluma into ayifunayo, naye uLewandowski engakhuluma lokhu akufisayo.
Angivumelani nenkulumo yakhe, angiyinakanga kakhulu. Engakhuluma noma yini, anginandaba,” kubeka uMessi.