Ukuzimisela ngesizini ka-2021/22 sekudonsele uNdiviwe Mdabuka amehlo eChippa United edlala kuDSTV Premiership.

Lomdlali ubelindele ukuthi asayine kwiChippa ekuqaleni kwesizini eyedlule kodwa kwabhimba izinto ekugcineni amaqembu esehluleka ukuthola isivumelwano semali.

Kuvela ukuthi iChilli Boys isiqale phansi ukushela lomdlali kodwa ibingakaze ibeke imali etafuleni.

UMdabuka ushaye ibhola elicokeme kulesizini evalela enethini amagoli angu-11. Uphinde wakhandela ozakwabo amagoli amathathu.

UMdabuka ushaye elinye igoli izolo ngesikhathi iqembu lakhe iCape Town All Stars lishaya iSwallows emdlalweni wamaPlay-Offs okuhlungela ukungena kwiDSTV Premiership.

UMdabuka (31) ujoyine IGugu LeKapa esuka kwiCape Umoya United kumasizini amabili adlule. Lomdlali oseke wayibamba kwi-Ajax Cape Town ngaphambilini usezifake emehlweni eChilli Boys ebumba isikwati sayo kabusha njengoba idayise izethenjwa.