Owayengumdlali we-Orlando Pirates uThulasizwe Mbuyane uthi uyathemba ukuthi abadlali beqembu bazodumaza izitha, banqobe iCAF Confederations Cup ngoMeyi.

UMbuyane, naye oseke wadlala kwiCAF Champions League neConferedations Cup esagijima kwiBucs, ubona leliqembu linethuba eliyingqayizivele lokunqoba iConfed Cup.

IBucs isibeke unyawo olulodwa kowamanqamu ngemuva kokushaya i-Al Ahli Tripoli ngo 2-0 emlenzeni wokuqala obubanjelwe eLibya.

EzikaMagebhula zizokwamukela i-Ahli e-Orlando Stadium ngeSonto zidinga ukudlala ngokulingana noma zihlulwe ngegoli elilodwa ukuze zizodlulela phambili.

“Ngibona bezofinyelela kowamanqamu ngoba ngikhulumile nabo, bayilambele lendebe. Uyabona nokuziwinela kwabo enkundleni, ngibafisela inhlanhla, ngikholwa ukuthi bazongena kowamanqamu.

Uma iBucs ifinyelela kowamanqamu, izotholana neTP Mazembe noma iRS Berkane yaseMorocco. UMbuyane uthi iBucs inabadlali abasezingeni engawina ngabo kowamanqamu.

“Ngidlalile neTP Mazembe. Ngiyawazi amaqhinga ayo. IBucs kufanele iqonde ukuthi izosabiswa. Angiboni lamaqembu enganikeza iBucs inkinga.

Bajwayele ukusebenzisa amaqhinga abhedayo, angiboni benqoba lendebe. IPirates kuphela edlala ibhola elicacile, yibona abazokwazi ukunqoba.

Kuhle kakhulu ngoba umdlalo wamanqamu udlala kanye, akukho ukuthi kukhona ozodlala ekhaya. Abadlali bazogqugquzeleka ngoba alikho iqembu elizogqisha inkundla nabalandeli bayo.

UMbuyane uthi akayiboni i-Al Ahli Tripoli inqoba emlenzeni wesibili.

“Angeke libuye leliqembu e-Orlando. Abadlali banomfutho ngoba badlala ekhaya. Ngiyajabula ngoba abalidedelanga igoli emlenzeni wokuqala, iBucs izolishaya igoli kulomdlalo,” kusho uMbuyane.