Kubukeka isilungisiwe inkinga phakathi kweSuperSport United nomdlali obefuna ukuhamba ngenkani uSipho Mbule.
UMbule, ofunwa uthuli iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs, uhlelo ekhaya njengoba iSuperSport yamhoxisa ejimini. Oyisikhulu seSuperSport uStanley Matthews waqinisekisa ukuthi uMbule akekho esimeni somqondo esifanele sokudlalela iqembu ngoba ufuna ukushiya ePitoli ngenkani.
Ukuhoxiswa kwakhe sekuqinise izinsolo zokuthi lomdlali uzodayiswa ekuqaleni kwesizini kwazise ungomunye wabadlali abayinsika kwiSuperSport uma esefomini.
Imenenja kaMbule ibikhuluma nabeGagasi FM, yathembisa ukuthi lomdlali uzoshisa izikhotha eqenjini elisha ngesizini ka-2022/23.
UMike Makaab ubeke kanje.
“Lesizini ibinzima kakhulu kodwa ngiyalazi izinga likaMbule, engadlala kunoma yiliphi iqembu emhlabeni uma esefomini. Ngiyaqinisekisa ukuthi uzobe evutha engabaselwe ngesizini ezayo uma esesayine eqenjini elisha,” kubeka uMakaab.