USihlalo weMamelodi Sundowns uThlopane Motsepe usedalule ukuthi umdlali osanda kusayiniswa uSipho Mbule useqalile ukujima eyedwa eChloorkop njengoba abanye abadlali besemaholidini.
UMbule usayine inkontileka yeminyaka emithathu esuka kwiSuperSport United.
Yize uMbule edlala ibhola elinenkosi phakathi, ukuhluleka ukuziphatha ngendlela efanele kumdonsele amazinyo abushelelezi kumphathi seSuperSport uStanley Matthews.
UMotsepe uthi impumelelo kaMbule kwiDowns ilele kuye.
“USipho Mbule ukhona ejimini njengoba abanye abadlali besathathe ikhefu. Uyazibonakalisa ukuthi ufuna ukulwela ijezi ngesizini ezayo, umqondo wakhe usucabanga isizini ezayo.
Akusiwo umsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi uMbule ushintsha indlela yokucabanga noma ahloniphe iqembu. Uyena umdlali okufanele abone isidingo sokwenza okulungile. Kukhona abadlali abadala njengoDennis Onyango noKennedy Mweene asebebone okuningi eqenjini.
Umdlali oyisibonelo esihle u-Andile Jali Ngob udlale ngokuzimisela kulesizini. Ngesikhathi efika eqenjini, abantu babemgxeka bethi angeke adlale kwiSundowns.
Siyajabula kakhulu ngendlela ethathwa yiqembu, abaqeqeshi yibona abasiholayo eqenjini, bashaya umsebenzi oncomekayo,” kubeka uMotsepe.
UMbule ushaye amagoli alishumi, wakhanda amagoli angu-11 emidlalweni engu-100 kuMatsatsantsa.