IPSL ibhekene nenkinga enkulu yokuncipha kwamagoli emidlalweni yeBetway Premiership, okuyinkinga engakaze izame ukuxazululwa. Kumasizini awu-8 adlule, akukho noyedwa omdlali oke washaya amagoli afike ku-20 ngesizini eyodwa.
Lokhu kunciphisa ubumnandi bebhola kubalandeli, okuyinto okungalindeleka ukuthi iziphathimandla zeligi ziyisukumele. Kodwa ngenxa yokuthi abaphathi beligi yibona futhi abaphethe namaqembu, kuncane okwenzakalayo ukukhombisa ukuthi le nkinga ithathelwa phezulu.
Ngempelasonto edlule, bekunemidlalo emihlanu. Ewu-3 kule midlalo ayibanga ngisho nelilodwa igoli iphela, kanti omunye ube nelilodwa (Cape Town City 1-0 Kaizer Chiefs), omunye waphela ngo1-1. Lokhu kuveza ukuthi ibhola lakuleli alikho neze esimeni esihle nokuthi kumele kulungiswe ukuze lizoheha abalandeli.
Izizathu zokungashaywa kwamagoli, nezinyathelo ezingathathwa ukulungisa lesi simo:
Esokuqala isizathu, nokuyisona esisobala, ukushoda kwabagadli abanohlonze. Amathuba ayavela futhi abe maningi, kodwa amagoli awabonwa. Le nkinga ize ikapakele naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, uma ubheka ukuthi selokhu yagcina ngoKatlego Mphela ukuba nomgadli othembekile ekushayeni amagoli.
Kudingeka ompetha abazoqeqesha abagadli bakuleli ukuthi bevalele amagoli. Amaqembu kumele azame ukwenza kube yinto ejwayelekile ukuthi kube nomqeqeshi obhekana nabagadli abafundise izindlela zokuvela ezikhaleni nokushaya amagoli.
Esesibili isizathu isimo sezinkundla okudlalelwa kuzo. Izinkundla eziningi okudlalelwa kuzo imidlalo ye-Betway Premiership zingabonakala zizinhle notshani obuluhlaza cwe, kodwa zisetshenziselwe ezinye izinto njengemicimbi yomculo ne-rugby.
Kumele iziphathimandla ze-PSL zifake imali ekuthuthukiseni izinkundla ezingenkulu kakhulu, ezingeke zibangwe namaqembu ebhola lombhoxo. Lokhu kungasiza ngoba imidlalo eminingi ayidingi izinkundla ezifaka abantu abangaphezulu kuka15 000-20 000. Kungaphinde kwenze zisheshe zigcwale izinkundla, okwenza omoya osenkundleni (atmosphere) usheshe usabalale uzwakale nakubadlali, begqugquzeleke ukuzimisela kakhudlwana.