Isinqumo sabaphathi beKaizer Chiefs sokudedela uNasreddine Nabi ingakamtholi umqeqeshi wangempela ozovala isikhala sakhe singase siphazamise izinhlelo zayo kule sizini ngemuva kokusayinisa kahle.

Kuhlale kunezikhalo ngokuthi Amakhosi awenzi kahle kwi-transfer market, kodwa ngicabanga ukuthi kulokhu bancane abangakhala ngezinga labadlali abasayinisiwe, noma iningi labo bekungama-free agent.

Ngokwami ukubona abadlali abasayiniswe yiChiefs basayiniswe ngokubambisana nokubonisa phakathi kwe-technical team ebiholwa wuNabi ngokunjalo nabaphathi beqembu abaholwa yiSporting Director uKaizer Junior Motaung.

Kubadlali abasha iChiefs isayinise oNkanyiso Shinga, Ethan Chislett, Flávio Silva, Thabiso Monyane, Paseka Mako, Siphesihle Ndlovu Lebohang Maboe, Asanele Velebayi, Luke Baartman, no-Etiosa Ighodaro. Akubona abadlali abasezingeni eliphansi laba, abadlalu abahle uma sikhuluma iqiniso. Kodwa umqeqeshi obehola ukusayiniswa kwabanye babo akasekho, umsebenzi wokupheka iqembu usele nabebengamaphini akhe, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba baqeqeshi bathole ithuba lokuzibambela ngesikhathi uNabi esanakekela umfazi wakhe ngemuva kwengozi eTunisia. Banqoba imidlalo emine kulandelana engekho ebhentshini, noma bobabili bakucacisa ukuthi uNabi wayebathumela imiyalezo ngokufanele kwenzeke.

Njengoba umsebenzi ususezandleni zabo, kubukeka kungahambi kahle, okwenza abaningi bashaye amakhala ngezinga labo lokuqeqesha.

Asibuke uKaze. Ngaphandle kokusebenza noNabi kwiChiefs nakwiYanga, uqeqeshe i-Atletico Olympic yaseBurundi, Mukura Victory Sports yaseRwanda nenye i-Atletico yase Burundi. Hhayi kabi kodwa angikaze ngizwe lutho olutheni ngebhola laseBurundi namaqembu akhona.

UKhalil ke yena amava akhe akhomba ukuthi sekuneminyaka ewumhlaziyi noma eyiphini likaNabi.

Ngokwami laba baqeqeshi bahle kwi-technical team, kodwa angibaboni benza umsebenzi omuhle uma benikezwa umsebenzi wokupheka iqembu okwesikhashana.

IChiefs bekufanele uma inquma ukuxosha uNabi, imdedele nabo bonke afike nabo, ibheke ukuqasha omunye umqeqeshi ongakwazi ukusebenza nalesi sikwati esesihlanganisiwe.