Ngithi angisike kwelijikayo ngesimo esibhekene neKaizer Chiefs osekucacela abaningi ukuthi le sizini izophela ishwiba izandla.
Ngiwumuntu osenesikhathi eside ebuka ibhola, futhi ngicishe ngiwajwayele onke amaligi amakhulu engingabala kuwo iPremier League, Serie A, neLaLiga. Ngabe ngiyayibuka neBundesliga ukube isadlala kuSuperSport, kodwa ke banquma ngendlela abanquma ngayo. Ngaphandle kwelaphesheya, ngiyalibuka kakhulu nebhola lakuleli ngokunjalo nemqhudelwano yeCAF.
Uma ngibuka amaqembu engingathi makhulu phesheya kunento engikhathazayo uma ngiwaqhathanisa neqembu okuthiwa likhulu ukuwadlula onke eNingizimu Afrika ngokwabalandeli, imali eliyenzayo (lokhu okubizwa nge-commercial revenue) ngokunjalo nomlando; iKaizer Chiefs. Alikho iqembu elikhulu phesheya eliphethwe wumndeni, ebese kuqashwa izingane zalowo mndeni ezikhundleni ezithinta okwenzeka enkundleni. Mhlawumbe angibhekanga ngokwanele, kodwa cha angikalitholi.
Njengoba kwaziwa, iChiefs yiqembu likaKaizer Motaung, owuSihlalo weqembu, indodana yakhe uKaizer Jnr njengamanje iyiSporting Director. Okusho ukuthi izinqumo eziningi ezithinta okwenzeka enkundleni, zidlula kuJnr.
UJnr, oke wayidlalela iChiefs phambilini, unikezwe lesi sikhundla ngoJuly 1 2021, ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/2022.
Ake sibuke iqembu lenze kanjani ngaphansi kwakhe kulesi sikhundla:
2021/2022: IChiefs iqede kunombolo 5 kwiPremiership iphekwa wuStuart Baxter, owaxoshwa sekusele imidlalo emihlanu kwiligi kwaqashwa u-Arthur Zwane
2022/2023: U-Arthur Zwane wanikezwa umsebenzi ngokuphelela, naye wahluleka ukwenza kangcono iqembu liqeda kunombolo 5 ekupheleni kwesizini.
2023/2024: IChiefs yaqasha uMolefi Ntseki njengomqeqeshi weqembu, wayeqala ngqa ukunikezwa umsebenzi wokuba yi-head coach eqenjini eligijima kwiPremiership, okwadida abaningi. Emdlalweni ewu-13 ayidlalisa, wanqoba emine kuphela, wadlala ngokulingana kwemithathu, wadliwa kweyisithupha.
Ngemuva kwakhe izintambo zinikezwe uCavin Johnson naye ofike wazishayela udaka Amakhosi agcina ehluleke ngisho ukungena kwi-top 8, aqeda kunombolo 10, okuyihlazo.
Uma ubuka iriphothi likaJnr kumasizini akhe amathathu okuqala, singasho nje ukuthi ushaye udaka, futhi ngesizini edlule kubhede kakhulu, ukube akulona iqembu lakubo, ngabe uxoshiwe kulesi sikhundla.
Singene kule sizini.
Ngenxa yokubhimba kwezinhlelo, iChiefs ibuyele kuNasreddine Nabi eyayixoxisane naye ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024, eyamncisha umsebenzi ngoba efuna ukuza ne-technical team yakhe, noma uJnr ekuphika ukuthi bake baxoxisana noNabi phambilini. Ugcine eqashiwe lo mqeqeshi, into yokuqala ayenze neqembu ukuya nalo eTurkey eyolungiselela isizini entsha. Uhamba nje akanabo abadlali abasha abasayiniswe uyena nethimba lakhe, uhamba nabadlali abalandelwe abaphathi beqembu esikholwa wukuthi isigxivizo sokugcina sivela kuKaizer Jnr njengosomaqhinga weqembu.
Ukhona ongasho nje ukuthi yini ezuzwe yiChiefs ngokuya eTurkey?
Angiqhubeke nokuhlaziya. IChiefs igcine iqinise isikwati ngoFiacre Ntwari, Bongani Sam, Inacio Miguel, Rushwin Dortley, Gaston Sirino yaboleka noNjabulo Blom obesedlala kwiMLS. Kulaba badlali kunendlela elula nje yokubheka izinga labo, zibuze ukuthi yibaphi abangangena kumaqembu akwitop 2 njengamanje (Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Kubo ngingathi uDortley kuphela ongangena kulawa maqembu, abanye ngeke babekwe ngisho ebhentshini. Okusho ukuthi ayikho into esayiniswe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini. Uzamile esafika uSirino kodwa kuhambe kwacaca ukuthi iminyaka ngeke isamvumela ukuthi abe wumdlali othwala iqembu.
IChiefs ichithe izinyanga izama ukusayinisa u-Asanele Velebayi yagcina ingamtholanga ngoba ingavumelani ne-Cape Town Spurs ngenani. Uma umbhekisisa uVelebayi, oyingxenye yeqembu elidonsa ngodizili manje kwiNFD, ugcina uzibuza ukuthi ngempela ngempela iChiefs yayiboneni kuye? Uma enswempu, kungani ibingambangi namanye amaqembu agijima kwiPremiership?
Kuyimanje kukhulunywa indaba yokuthi iChiefs ithungatha umgadli, into obekumele yenziwe iqedwa ingakaqali isizini, kodwa nakhona umqeqeshi wayo usephumele obala wathi ngeke kuxazulule zonke izinkinga ababhekene nazo ukusayinisa umgadli omusha. Okusho ukuthi iqembu nje lilonke liqukethe abadlali abangekho ezingeni.
Uma uqhathanisa iChiefs namaqembu engingabala kuwo iStellenbosch, Sekhukhune, Polokwane City kanye neSuperSport United le abayibhonya ngo 4-0, iChiefs ingcono ngani/kuphi?
UBobby Motaung wake wagxeka abalandeli ethi balandela iziphakamiso zabo ngesikhathi beqasha u-Arthur Zwane, okwangicacisela ukuthi ngathi nabo abakwaMotaung sebebuye bengazi ukuthi benze njani ngesimo iqembu elikuso, babheka okushiwo abalandeli ezinkundleni.
Ngokubona kwami iChiefs isidinga abantu abanamava futhi abakufundele ukuphatha izinto ezithinta ibhola. Yenze umsebenzi oncomekayo ilanda uThembela ‘Tera’ Maliwa oyinhloko yama-scouts ne-recruitment kusukela ngo-August 2024, kodwa naye uqashwe abanye abadlali sebesayinisiwe. Sizowabona kahle kulo nyaka amagalelo azofika nawo.