Umdlali oyibamba esiswini kwi-Orlando Pirates nakwiBafana Bafana uThalente Mbatha uthi uma izinhlelo zabo zihamba kahle iPyramids FC izokubona okwabonwa yi-Al Ahly ngesikhathi beyifaka induku eCairo esigabeni samaqoqo eCAF Champions League.

Kuzokhumbuleka ukuthi Ezimnyama aziyazi induku kwiCAF Champions League kule sizini noma zafakwa eqoqweni elaliphethe i-Al Ahly nayo ekwazile ukuzibekisela indawo kuma semifinal. IPirates namhlanje izobhekana nePyramids emlenzeni wesibili wesemifinal, zibambene ngo 0-0.

“Sidlala kahle ekuhambeni futhi siyawina. Sikubona kuyinto enhle ukuqedela lo mdlalo eCairo ngoba sizobe singaqali ukudlala khona singaphansi kwengcindezi, sathola umphumela omuhle khona esigabeni samaqoqo,” kusho uMbatha ekhuluma ngomdlalo abashaya kuwo i-Al Ahly ngo 2-1 ngoJanuary nonyaka.

“Okwethu ukuthi sigxile emsebenzini ophambi kwethu singakukhohlwa nokuthi asishayiwe kwiCAF Champions League. Sizobenza esakwenza kwi-Al Ahly.”

IPirates izobhekana nePyramids namhlanje ngo 8 ebusuku e-30 June Stadium.