UKylian Mbappe uthi uqale ngokubamba izingxoxo noLionel Messi benoNeymar Jr. ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuhlala kwiParis St. Germain.

UMbappe uthi uzithathele yena isinqumo sokuhlala kwiPSG, akancengwanga uMessi benoNeymar.

UMbappe ubezophelelwa yinkontileka ngoJuni, kodwa waqoka ukuvuselela inkontileka yakhe ngamasizini amathathu. Lokhu kuchaza ukuthi usazodlala nobhululu bakhe abayizihlabani.

“Sibe nesizini enzima, kodwa ngixoxile nabo. Bangitshelile ukuthi isinqumo esami ngingedwa. Bakuqondile lokho. IPSG neMadrid amaqembu amakhulu, akudingeki ukuthi bakuncenge. Kuyinto enkulu ukudlalela womabili lamaqembu. Ngidlala nabadlali abasezingeni eliphezulu, yilokho ebengikufuna,” kusho uMbappe.

Kuvela ukuthi uMbappe usayine inkontileka entsha eParis ngoba esethenjiswe ukuba ngamandla amakhulu eqenjini, okubalwa kuwo ukufaka umbono kubadlali abathengwayo nabaqeqeshi abalandwayo.

Kuphinde kwavela ukuthi lomdlali kungenzeka athathe ibhande likakaputeni ngesizathu sokwethembeka kwakhe. UMbappe uthi akafuni ukuthatha ibhande kuMarquinhos.

“UMarquihnos limfanele ibhande, akufuneki ngibe ukaputeni ukuze ngizoba umholo enkundleni. UMarquihnos ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi ungukaputeni omuhle, ubalulekile kithi,” kubeka uMbappe.