Unina kaKylian Mbappe uthi lo mdlali usakudlela amathambo engqondo ukufaka iPSG enkantolo ngomholo wezinyanga ezimbili angawutholanga.

Ngokwemithombo esondelene nodaba, iPSG ikweleta uMbappe umholo wezinyanga ezimbili onyakeni ka-$86 million.

Kuthiwa isimo sikaMbappe bese singesihle kuleli qembu selokhe amemezela ukuthi uyashiya ekupheleni kwesizini. Wethulwe njengomdlali omusha weMadrid kuleli sonto nokuyilapho unina uFayza Lamari etshele iphephandaba iLe Parisien ukuthi bazoyifaka enkantolo iPSG uma ingayihloniphi inkontileka okwavunyelwana ngayo.

“Uma kungekho okunye esingakwenza sizoyifaka enkantolo nakanjani. Okwamanje ngisanethemba lokuthi inkontileka esayinwe eminyakeni emibili edlule izohlonishwa.

“Asikuyeke ukuthi uKylian wathini, noma wenzani wangenzani, eqinisweni akekho owaziyo, ngisho nami uqobo kanye nabasebenzi bePSG ngoba eminyakeni emibili edlule uKylian nomengameli weqembu [Nasser Al-Khelaifi] bebekhuluma bodwa ngasese.

“Kukho konke okwenzekile uKylian akayekanga ukudlala, noma ememezele ukuthi uyahamba kwiPSG ngoFebruary.