UKylian Mbappe ubengakavumi ukusayina inkontileka entsha neParis Saint-Germain okanye elinye iqembu.
Lenkulumo idalulwe unina kaMbappe ophinde abe yimenenja yakhe.
Njengoba inkontileka kaMbappe iphela ngomhlaka 30 Juni, lomdlali umataniswa neReal Madrid engasafihli nokuthi iyamfuna. IMadrid yabeka izindodla zemali etafuleni ngoJanuary ishela uMbappe kodwa IPSG yala ukhasha ukudayisa.
Iphephandaba laseFramce iLe Parisien labika ngoLwesine ukuthi uMbappe usevumelene nePSG ngokwelula inkontileka ngeminyaka emibili.
UFayza Lamary oyimenenja yalomdlali uwachithile lamahebezi, waveza ukuthi uMbappe usacabanga ngekusasa lakhe okwamanje.
“Asikho isivumelwano esikhona phakathi komdlali neParis Saint-Germain. Alikho iqembu eselivumelene noMbappe. Izingxoxo ngekusasa likaMbappe ziyaqhubeka. Sifuna uMbappe athathe isinqumo esimlungele,” kubhala uLamary.
UMbappe useshaye amagoli angu-35, waba ngumvusi wenyamazane amahlandla angu-19 kuyona yonke imiqhudelwano kulesizini. Iligi bayinqobile kalula kodwa I-UEFA Champions League isabakhasisa namanje. Bakhishwe kabuhlungu iMadrid kwi-last 16 ngoMashi.
Emdlalweni owaphela ngo 3-3 bebhekene neStrasbourg, uMbappe ubeseshaya igoli lika-131 kuLigue 1. Usele ngemuva ngamagoli ayisikhombisa ku-Edinson Cavani owashaya angu-138 ohamba phambili ngamanqaku kwiPSG kuleminyaka engu-100 eyedlule.