Umgadli waseDR Congo odlalela iPyramids FC uFiston Mayele usekuqinisekisile ukuthi kunezingxoxo phakathi kwakhe neKaizer Chiefs.
Lo mdlali uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngaphambi komlenze wokuqala womdlalo wamanqamu weCAF Champions League abazobhekana kuwo neMamelod Sundowns kusasa ngo 3 ntambama.
Lo mdlali wayefunwa yi Chiefs ekupheleni kwesizini ka 2022/2023 ngesikhathi edlalela iYoung Africans eyayiphekwa wuNasreddine Nabi, kodwa wagcina ejoyine iPyramids.
Manje, usekuqinisekisile ukuthi uNabi umfuna kwiChiefs.
“Umqeqeshi weChiefs ubekhuluma nami ngoDecember [2024], kodwa angiboni kuyisikhathi esihle sokukhuluma ngalento,” kusho uMayele ngoLwesine.
“Ngifuna ukugxila kumdlalo wamanqamu. Okunye sizokubona ekupheleni kwesizini.
Lo mdlali ozoba neminyaka ewu-31 maduze unenkontileka ephela ngoJune ngonyaka ozayo kwiPyramids.
Ngaphandle kweChiefs, kuke kwavela imibiko ekhomba ukuthi neMamelodi Sundowns ngokunjalo ne-Orlando Pirates bangakuthanda ukusayinisa lo mdlali, kodwa yiChiefs kuphela aqinisekisile ukuthi iyamfuna.