Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United uStanley Matthews uthi uyivalele ekhoneni iMamelodi Sundowns yagcina ivumile ukubolekisa ngonozinti uRicardo Goss ngaphandle kokufaka umbandela obumhlalisa ebhentshini kowomkhaya.

UGoss, obebolekwe kumasizini amabili edlule, ubengavumelekile ukudlala uma iSuperSport ibhekene neSundowns ngenxa yokuphoqwa umbandela obushicilelwe kwinkontileka. 

Lonozinti weBafana ubolekiswe unyaka owodwa kuMatsatsantsa ehambisana noNyiko Mobbie osayiniswe ngokugcwele. Kwesinye isivumelwano, uKegan Johannes usayine kwiDowns.

“Ngibampitshele ekhoneni, ngabatshela ukuthi akuyekwe uma bezophoqa uGoss ukuthi angadlali. 

“Angeke ngidlalise isikimu esithambile uma sibhekene neSundowns. Lokho akulungile neze. Angeke ngihlomele imidlalo emikhulu ekubeni ngicindezelwa ngemibandela ephoqa ukuthi abanye abadlali abangadlaliswa. 

“Yingakho nginqabile ukuboleka abanye abadlali kwiSundowns. URicardo ngimfune ngenkani ngoba uyadingeka eqenjini. Kungani evinjelwa ukudlala uma engekho ezingeni lokudlalela iSundowns? 

“Angeke ngibukele phansi iqembu lami ngoba kuzokwenzeka ngibhekane neSundowns emdlalweni wenkomishi. Angifuni kufike lowomdlalo ngishodelwa abadlali. Nginesifiso sokuthi iqembu linqobe noma indebe eyodwa kulesizini. Kunzima ukuzifaka embangweni weligi ngoba kunemidlalo engu-30, kufanele ngicuthele izindebe,” kusho uMatthews ekhuluma nabezindaba.

UGoss (30) ubonakale emidlalweni engu-57 kumasizini amabili awahlale neSuperSport.