Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United uStanley Matthews uphike walala ngomhlani exinwa ngezinsolo zokwenzelela iMamelodi Sundowns uma kunomdlali osendalini.
Labomakhelwane baseTshwane baphinde badayiselana abadlali kuleliwindi, uKegan Johannes esayina kwiSundowns.
Unozinti uRicardo Goss noNyiko Mobbie bawelile, bajoyina iSuperSport ngokwesivumelwano samaqembu.
ISuperSport yazidonsela amehlo nangonyaka odlule idayisela iDowns uThapelo Maseko. Eminyakeni eyedlule amaTsatsantsa adayisele iSundowns uSipho Mbule, Teboho Mokoena, Grant Kekana, Ronwen Williams, no-Aubrey Modiba.
UMatthews uthi alikho iqembu angalincisha umdlali uma libeka imali ayicelile.
“Angicabangi ukuthi sibangisana neSundowns ngesicoco seligi. ISundowns ibhalise abadlali abangu-45 futhi ayinqeni ukuthenga umdlali ngo-€3 million.
“ISuperSport isayinisa abadlali abatholakala mahhala, asebeselelwe iminyaka embalwa ebholeni. Ngikhuphula nabadlali beDDC (DStv Diski Challenge), angeke uqhathanise lamaqembu amabili,” kubeka uMatthews ekhuluma nabezindaba.
UMatthews uthi akayenzeleli iSundowns ngokuyidayisela abadlali futhi asikho isivumelwano asihlanganise nayo.
“Bengingeke nginanaze ukudayisa uKegan Johannes ukube bekukhona elinye iqembu elibeke lemali ekhokhwe yiSundowns.
“Anginabo ubudlelwano neSundowns, akukho okungihlanganisa nayo. Kungiphatha ukubona abadlali engabadayisa benqoba izindondo ekupheleni kwesizini.
“Isimo sethu siyaphoqa ukuthi sidedele abadlali, kukhona amaqembu amakhulu aqhubeka nokuwina. IReal Madrid igaqele uTrent Alexander-Arnold osalelwe unyaka owodwa kwinkontileka yakhe neLiverpool.
“UMo Salah usalelwe unyaka owodwa naye kwinkontileka yakhe neLiverpool. Ukulahlekelwa yilabadlali mahhala kuzochaza ukuthi iLiverpool ishayekile emakethe. Angifuni iqembu lishayele emakethe. Angeke ngixolise ngokudayisa umdlali noma ngabe usayine kwiSundowns,” kubeka uMatthews.