USihlalo weSuperSport United uStanley Matthews usedlulise amazwi okubonga kunozinti uRonwen Williams osejoyine omakhelwane iMamelodi Sundowns.
UWilliams (30) usayine inkontileka yeminyaka emihlanu eChloorkop.
UWilliams ungumdlali wesihlanu osejoyine iSundowns esuka kwiSuperSport kuleminyaka eyedlule. Ulandela u-Aubrey Modiba, Tebogo Mokoena, Grant Kekana noSipho Mbule.
UMatthews uthi uyaziqhenya ngoWilliams futhi umfisela okuhle kodwa eqenjini lakhe elisha.
“URonwen uyindodana nenkakha yeqembu ezakhele umlando omkhulu. Ungumdlali osehlale isikhathi eside eqenjini futhi unemidlalo eminingi emlandweni weqembu.
Kunzima ukuthola umdlali othembeke ngalendlela ebholeni, okwenza iminyaka engu-18 ayihlale eqenjini ibe yikhethelo.
Siyaziqhenya ngokukhanda umdlali kusukela eneminyaka engu-12, samsiza wafeza amaphupho akhe ngokuba ukaputeni edlalela iqembu lesizwe neSuperSport.
URonwen ushiya enqobe nathi izindebe, sakhanda izikhathi ezinhle. Simfisela okuhle kodwa empilweni naseqenjini elisha iMamelodi Sundowns,” kubeka uMatthews esikhishwe iSuperSport.