Sphamandla Gumede
Owayengumqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba ukhale ngoMolefi Ntseki iqembu lesizwe lihluleka ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations ezobanjelwa eCameroon ngo-2022.
IBafana iphoxe abaningi ishaywa yiSudan ngo 2-0 ngeSonto eKhartoum. IBafana ibidinga iphuzu elilodwa kuphela kulomdlalo ukuze izobuya nethikithi eliya eCameroon.
UMashaba, owayeqeqesha iBafana kusukela ngo-2015 kuya ku-2016, ukhwele wadilika kumqeqeshi uNtseki ethi akaxoshwe.
“UMolefi Ntseki uthi uhlulekile, yihlazo lelo. Kuchaza ukuthi akayazi into ayenzayo. Ngikhathazekile ngaye, kumele ashenxe esikhundleni, kunikezwe omunye umuntu ithuba. Uzidayisile uma ethi uhlulekile. Okungenani, akachaze amacebo awazamile, asibekele elinye icebo. Yiliphi ithuba alifunayo uma esitshela ukuthi uhlulekile?“ kuchaza uMashaba ekhuluma kwiPowerFM kuleli sonto.
UNtseki ugcine ekhonjwe indlela ngoLwesithathu.
UMashaba uphinde wakhala ngabadlali abagijima phesheya kwezilwandle, wathi bayazifanela nezihambeli ngoba ijezi balizwa ngendaba.
“Kumele sikhohlwe yilomqondo wokuthi uma bengekho abadlali abagijima phesheya, iBafana izohluleka ukudlala. Khohlwa nje. Labo badlali abalitholi ijezi. Bahlala ebhentshini kuphela. Uma befika la, bafuna ukushaya umthetho, bathole ijezi ngoba basuka emaqenjini aphesheya. Angeke ngithi badlala phesheya. Bayizihambeli. Bavakashile phesheya. Bafika lana bengakaze bedlalela ngisho imidlalo elishumi,” kuchaza uMashaba.
UMashaba uxoshwe kwiBafana enerekhodi elihle njengoba ashaywa emidlalweni emithathu kuphela. Emidlalweni engu-28, iBafana yawina izikhathi ezingu-13.