Owayengumqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba uhlabe ukubhacaza kwabaholi beSouth African Football Association (SAFA) ngesikhathi ethula inkulumo emkhankasweni kaRia Ledwaba ongenele ukhetho lokuba uMengameli walemhlangano.

UMashaba, ongomunye wabaqeqeshi abashaye into ecokeme esikwatini efaka amaGlugGlug kuma-Olympics ango-2000, iBafana kwi-AFCON, ubehambele lomkhankaso ngoLwesibili eJohannesburg.

UMashaba akawekhethanga amagama ekhuluma, wadalula ukuthi akayizwa indaba kaMengameli ongakaze alikhahlele ibhola.

Iphini likaMengameli kwiSAFA uRia Ledwaba akafikanga kulomkhankaso njengoba lenhlangano imxwayisile ngokukhuluma nabezindaba engakaphasiswa yikomidi lezokubusa ngobuqotho.

UMashaba akacashanga ngesithupha, ekhiphela ulaka kwiSAFA.

“Ngingumlandeli omkhulu kulomkhankaso kaLedwaba. Angibazondi abanye abantu kodwa ngibona ibhola lethu lihlehlise kunokuthi liye phambili. UMengameli (Jordaan) ukhuluma kanjani ngebhola ekubeni engazange alidlale. Yingakho Ziningi izinkinga. Kuyakhombisa ukuthi labantu bayachazelwa ngomsebenzi wabo, abawazi.

Sifuna ukubona ushintsho kumuntu omusha ozophatha. Sekuphele iminyaka engu-26 sanqoba i-AFCON kodwa asiyi phambili. Ukube izinga belisafana, izinto bezizoba ngcono. URia unolwazi ngebhola ngoba ubenalo iqembu lakhe. Uyazazi izinto ezenzakalayo futhi unolwazi ngesombululo esifuneka kwiSAFA. Umlalelile ngisho uPortia Modise ekhuluma ngenhlangano.

UMashaba waxoshwa yiSAFA ngo-2016 ngemuva kokuthethisa uJordaan bukhoma kumabonakude. IBafana yayikade ishaye iSenegal ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Angeke usize abantu uma ungenalo uzwelo. Kufanele ulalele izikhalo zabo. Kufuneka isipiliyoni kwiSAFA, abantu abasha abanaso isipiliyoni. Kudingeka abantu abadala endimeni yebhola.

Akukho kuhle ukuchoma nge-AFCON ka-1996. Akulalelwe abaqeqeshi. Kuyazicacela ukuthi kunezinkinga esikwatini, ubona ngabadlali abaqokwayo. Bonke abadlali abantswempu abekho esikwatini.

Abantu bazothi nginomona ngoba ngibuya khona esikwatini. Ngikulindele lokho kubantu. Asikaze sinikezwe ithuba. Angizincomi kodwa uLucas Radebe, yimina, uScreamer Tshabalala noDoctor Khumalo kufanele ngabe sisekomidini leSAFA,” kusho uMashaba.