Umqeqeshi waMaZulu uPablo Franco Martin uthi akanayo nencane inkinga noMengameli weqembu uSandile Zungu osethembise ukubamba iqhaza elikhulu ngesizini ka-2024/25. 

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, uZungu wakubeka obala ukuthi uzoliqapha ngeso lokhozi iqembu.

“Kunabantu abakholwa ukuthi ngihlehlile eqenjini eminyakeni emibili edlule ngoba bengixinwe ezinye izinto. Ngiyathembisa ukuthi ngizolinaka iqembu kulesizini. 

“Ngifuna ukunconywa uma liphumelela iqembu, ngilindele nokugxekwa uma zibhimba izinto. Ngizolimela iqembu ezimpini elizobhekana nazo,” kubeka uZungu.

UCijimpi uthi ukusondela kukaZungu kuzogqugquzela abadlali njengoba ebabekele umbandela wokubuyisela iqembu kwiCAF Champions League. 

Usuthu lubhacazile ngesizini edlule luqeda kunombolo 11 kwiDStv Premiership.

“UMengameli ungumholi weqembu, izwi lakhe elokugcina. Ukusondela kwakhe kuzolisiza iqembu. Unolwazi lokuhola iqembu futhi unesipiliyoni sokuphatha amabhizinisi. Akukho okubi engingakusho ngaye.

“Kuningi esizokufunda kuMengameli uma esondele eqenjini. Abadlali bazogqugquzeleka uma bebona uMengameli ezikhandla ngeqembu, sizokujabulela ukumbona eseduzane neqembu,” kubeka uCijimpi.

AmaZulu asasayinise umdlali oyedwa okunguSenzo ‘Mbhobho’ Ndlovu obedlala kwiSinenkani FC. UCijimpi uthi basazomemezela abanye abadlali ekupheleni kwenyanga.

“UMengameli uzokwethula abadlali abasha uma kuphela inyanga. Sifuna ukuqinisa iqembu ngabadlali abasezingeni. Sizozama ukuba nomhobholo, sisayine iningi labadlali abasezingeni eliphezulu,” kuchaza uCijimpi.