IMamelodi Sundowns isaqhubeka nokuhlunga abadlali ezogadla ngabo kwiDSTV Premiership kulesizini.
UMarcelo Allende othengwe kwiTorque FC e-Uruguay, usabanjwe inkinga yeVisa kwelakubo. UMarcelo uthengelwe ukuzoqinisa kubadlali abakwazi ukukhanda amathuba eChloorkop.
Ukufika kwalomdlali kubeke ikusasa labanye engcupheni, ikakhulukazi labo abangenabo ubuzwe baseNingizimu Afrika.
Umgadli uPavol Safranko, ongowaseRomania, ungomunye ofakwe endalini ngehloso yokuvula isikhala sokubhalisa u-Abdelmounaim Boutoil, Abubeker Nasir noMarcelo.
USafranko uqale ngokumataniswa neSepsi FC yaseRomania kodwa leliqembu belinqaba ukukhokha kwiDowns ukuze lizosayinisa lomgadli.
IClub FSCB yakhona eRomania iqale izingxoxo neDowns emasontweni adlule ifuna ukuthola lomgadli. Yize sekuphele isikhathi amaqembu engafinyeleli kwisivumelwano, kubukeka sengathi iDowns izombolekisa lomdlali noma imnikeze incwadi emkhululayo.
IDowns igcine iphoqelekile ukuthi ibolekise ngoDivine Lunga waseZimbabwe ukuze izobhalisa omunye umdlali wangaphandle.
UPeter Shalulile, odabuka eNamibia, ugcine esebhaliswe njengomhlali wakuleli njengoba esehlale amasizini amahlanu kuya phezulu kuPremier Soccer League (PSL).