IKaizer Chiefs ihlela ukudedela iningi labadlali abasizwa ngendaba isikimu nalabo okubonakala sebephelelwe yisikhathi eqenjini.

Uma kuzolandelwa amagama kaMqondisi weqembu uKaizer Motaung, kuza izinguquko eziningi eNaturena.

Uqweqwe lwentatheli esebenzela iDiskiTimes uVelile Mnyandu seludalulile amagama abadlali abazodedelwa yiqembu ekupheleni kwesizini.

Kuvela igama lika-Anthony Akumu Agay noLazarous Kambole abangabonakali nangokhalo enkundleni.

“Abadlali abazochithwa u-Akumu Agay, uLazarous Kambole waseZambia, UDaniel Cardoso odlala emuva, uLebogang Manyama oseke waqokwa njengomdlali ovelele kwiPSL kanye nonozinti waseNigeria uDaniel Akpeyi. Umgadli waseSerbia uSamir Nurkovic noLeonardo Castro nabo basendleleni,” kusho uMnyandu.

Kuvela nokuthi uDumisani Zuma ungomunye wabadlali abazodayiswa. UKgaogelo Sekgota kungenzeka abolekiswe noma adedelwe ngesizathu sokungaligculisi ithimba labaqeqeshi ebeliholwa uStuart Baxter. No-Arthur Zwane akagculisekile ngoSekgota.

Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs yabeka uSiphosakhe Ntiya-Ntiya nabanye abadlali ohlwini lwabachithwayo kodwa bagcine bengahambanga. Kungenzeka iqembu lizame ukubadayisa noma badedelwe njengoba bengasabonakali ngisho ebhentshini leChiefs.