USadio Mane usethembise ukuhlonipha izifiso zabantu baseSenegal uma eseqoka iqembu elisha azosayina kulo njengoba eseshiye kwiLiverpool.

UMane, okhonjwa kwiBayern Munchen, usele ngezinyanga ezingu-12 kwinkontileka yakhe neLiverpool, kanti uselitshelile iqembu ukuthi usefuna ukuyodlala kwelinye izwe.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu eSenegal, uMane uphinde waveza ukuthi uyashiya kwiLiverpool kodwa uzothatha isinqumo esizojabulisa abantu basezweni lakhe.

“Ngikhona ezinkundleni zokuxhumana, ngiyazibona izifiso zabantu. Iningi labantu baseSenegal lifuna ngishiye kwiLiverpool, ngizokwenza okuthandwa yibo. Kuzokwenzeka maduzane.

Akufanele kujahwe ngoba sisonke kulesinqumo. Ikusasa lizoziveza maduze,” kusho uMane.

UMane ushaye amagoli angu-23 kulesizini ephelile. Useqhulule amagoli angu-90 kwiPremier League selokhu ajoyina iLiverpool ngo-2016. Abadlali abangaphezulu kukaMane ngamagoli kulesosikhathi uMohamed Salah (118), Harry Kane (134) no Jamie Vardy (104).

Kuyimanje ulungiselela umdlalo wokuhlungela i-AFCON abazowudlala neBenin.