Inkakha yomdlali weLiverpool, uSadio Mane, isidalule ukuthi yayisivumelene ngakho konke neManchester United ngokuyijoyina ngaphambi kokushintsha umqondo aye kwiLiverpool.
UMane ujoyine iLiverpool ngo-2016 ngemali ebalelwa ngaphezulu kuka-£30million. Lo mdlali onqobe iChampions League neLiverpool nesicoco esisodwa sePremier League uthi ngaphambi kokuya eMerseyside wayesekhethe iMan United.
“Kwase kusele kancane ngijoyine iMan United. Inkontileka yayiphambi kwami, sesivumelene ngakho konke kodwa kwafika umcabango wokuthi cha, ngifuna ukuya kwiLiverpool. Ngangihambisana nomsebenzi owawenziwa uKlopp. Ngisakhumbula uKlopp engifonela okokuqala ngqa. Ngangibuka ifilimu, ave ngiwathanda, wase wathi kimina ‘Sadio, lalela, ngifuna ukukuchazela ukuthi kwenzekani kwiDortmund’ – wayekhuluma ngesikhathi ezama ukungisayinisa kwiDortmund kodwa kwangaphumelela. Wangichazela ngathi kulungule, sekudlulile, ngamxolela.”
“Waqhubeka wathi manje sengiyakudinga kwiLiverpool. Ngavuma ngathi iDortmund ingemuva, asigxile ekusaseni lethu.”
UMane uthi uKlopp wambuza ukuthi ufuna ukudlala kuphi wathi ufisa ukudlala kwesokunxela phambili okwakuyindawo eyayibanjwe wuPhilippe Coutinho.
“Ngathi kulungile ngizodlala kwesokudla. Ngikwazi ukudlala kuyo yonke indawo phambili.”
Ngesikhathi eqeda ukusayinisa uMane kwiLiverpool uKlopp waveza ukuthi waqala ukumlandela kusukela kuma-Olympics ngo-2012.