Umgadli weLiverpool uSadio Mane ubona sekusondele ukuthi indondo yomdlali ovelele emhlabeni jikelele iBallon d’Or iwinwe umdlali wase-Afrika.

UMane usho kanje njengoba ezakhe zizobhekana neReal Madrid emdlalweni wamanqamu we-UEFA Champions League ngoMgqibelo eParc des Princes. UMane noMohamed Salah basethubeni lokudla lendondo uma bekhonya eParis kusasa.

Lendondo ibibhuqabhuqwa uLionel Messi noCristiano Ronaldo kusukela ngo-2008, kwalamula uLuka Modric kuphela eyinqoba ngonyaka ka-2018.

Inhlangano iFrance Football yamemezela izinguquko ohlelweni lokuvotela iBallon d’Or ngoMashi. Isikhathi sokunikezelwa ngalendondo sisondezwe ngasekupheleni kwesizini yase-Europe, kwancishiswa namajaji ngenhloso yokuqinisa umbango wokunqoba lendondo.

UGeorge Weah waba umdlali wokuqala wase-Africa owanqoba lendondo ngo-1995. Akuphindanga kwaba khona omunye umdlali wasezwenikazi i-Africa osenqobe lendondo.

UMane uthi kumphatha kabi ukushaywa indiva kwabadlali abamnyama uma kuvotelwa lendondo. Ungomunye wabadlali ababhekiwe kulokhu njengoba esenqobe i-AFCON neSenegal, waqukula iCarabao Cup neFA Cup neLiverpool.

“Kuyiqiniso ukuthi abadlali abamnyama bashaywa indiva. Uma nikubona lokho nina (abezindaba), ngizothini mina? Kubuhlungu. Kuzoba yisipesheli kakhulu ukunqoba iBallon d’Or, ngizoba umdlali ojabule ukubedlula bonke e-Afrika.

Indebe ye-Africa Cup of Nations (AFCON) inkulu empilweni yami. Kubuhlungu ukubona ukuthi akekho umdlali wase-Afrika osenqobe iBallon d’Or Kusukeka yawinwa uGeorge Weah.

Ukunqoba iChampions League kuyisipesheli. Nginelinye ithuba lokuyinqoba, ngizokwenza okusemandleni ukuze ngiyinqobe. IBallon d’Or sizobona ngayo,” kusho uMane.