IChippa United isimemezele owayengumqeqeshi weqembu uMorgan Mammila njengosomaqhinga weqembu, okuyisikhundla esisha kwiChilli Boys.
Sekunesikhathi uMammila abuyela kwiChippa United kodwa besingacacile isikhundla sakhe. Kwaze kwadingeka ukuthi umqeqeshi weqembu uThabo September acacise ukuthi ungomunye wabasizi bakhe ngoba bayawadinga amava akhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi unobudlelwano obuhle nomnikazi weqembu uChippa Mpengesi, abavumelene naye ngokwakha lesi sikhundla esisha eqenjini.
Empeni ayanda amaqembu aqasha osomaqhinga kwiPSL manje. Izibonelo nje iMamelodi Sundowns inoFlemming Berg, iKaizer Chiefs inoKaizer Junior, iCape Town City ilande uMuhsin Ertugral, kuMaZulu FC kukhona uPedro Dias odabuka eSpain.
Phakathi komsebenzi omusha azobhekana nawo uMammila wukuqinisekisa ukuthi ulekelela itechnical team, ukuqinisa ukusayiniswa kwabadlali abasha kanye nokuqinisa inkulisa yeqembu ngokunjalo ne-reserve team.
Ngaphandle kweChippa, uMammila useke wasebenza nakwiMoroka Swallows kanye nakwiBaroka FC.