Umengameli weRoyal AM, uShauwn Mkhize, usephumele obala ngezinkinga ezikhungethe iThwihli Thwahla, wakuqinisekisa nokuthi iqembu selilawulwa yiSARS njengoba ebhekene nezikweletu ezinzima.

Kuzokhumbuleka ukuthi kugasele abaphenyi nezikhulu zakwaSARS emzini kaMaMkhize ngoNovember nyakenye ngenxa yesikweletu sikaR40 million semali yentela. Kwashaqwa inqwaba yezimoto. Izinkinga zikaMaMkhize azikapheli nokho njengoba esephumele obala ngokuthi iSARS isiphethe iqembu ngohlelo lwe-curatorship, okwenzeka uma umnikazi webhizinisi esehluleka ukuliphatha ngendlela. Ukungenelela kweSARS kusho ukuthi ifuna ukulivikela leli bhizinisi ukuze lingawi liphele, bese umnikazi walo esebenzisa lokho njengesizathu sokuhluleka ukukhokha isikweletu abhekene naso.

“IRoyal AM ifisa ukucacisa ngesimo esingesihle ngokungakhokhwa kwamaholo ngoDisemba,” kusho isitatimende esithunyelwe yiRoyal AM ngoLwesithathu.

“Lokhu sekuphazamise abadlali bethu esibathandayo, ithimba labaqeqeshi nabanye abantu abasebenzi beqembu.

“Siyabuqonda ubunzima osebudalwe yilokhu futhi sifisa ukuxolisa kakhulu kulabo abathintekayo, kumbandakanya nemindeni yabo.

“Njengoba abaningi bazi, iqembu lingaphansi kwabaqoqi bentela (SARS). Yize lokhu sekuholele ekuqokweni komqoqi (curator) wesikhashana, uJaco Venter, ukuthi abheke zonke izinto ezithinta iqembu, sifuna ukuqinisekisa bonke abasebenzisana neqembu ukuthi iRoyal AM izinikele ekutheni ixazulule lolu daba ngokushesha.”

Ngaphandle kwenkinga yemali yentela, iRoyal AM ibhekene nesikweletu esinzima sikaSamir Nurkovic okusamele imkhokhele imali ebalelwa kuR15 million.